Isichibiyelo somgomo 1.00.
ab initio, uma kuqondwe ekuqeqesheni ngokundiza, ichaza ukuqeqeshwa ngempela okufunwa okokuqala ngesikhathi sokufuna imvume yokuqala yangasese yomuntu ofuna ukushayela indiza noma ofuna ukuzithokozisa ekhishwe ngaphansi kweNgxenye 61 noma 62 walemigomo noma ngenhloso yokwengeza ngesigaba esithile kuleyo ndizamshini, kanti ngenhloso yomgomo 91.02.
i 'isheduli yokunakekela emukelwe' ichaza idokodo elihlanganiswe wumnikazi noma ngosebenzayo ngokulandela imibandela yaleMigomo futhi emukelwe wuKhomishani ngokulandisa komgomo 43.02.
"' umuntu ovunyelwe' uchaza umuntu ophilayo ogunyazwe ngaphansi kweNgxenye 66 wuKhomishani noma inhlangano egunyazwe ngaphansi kweNgxenye 149, kuye ngesimo sokuba akhande indiza engenaso isitifiketi sokundiza ngendlela ehambisana naleyo ndiza futhi uchaza umnikazi wendiza yokuzakhela noma ekhiqizwe yilowo muntu ngokulandela izimiso zeNgxenye 24 ";.
umgibeli wesindizi sesondo' sichaza into endizayo engenanjini engaphansi kwendizamshini, esizwa wumoya nezinsiza zesondo eliphendukayo elixhunywe emilenzeni yalo;.
ibhukwana lokulawula iziwombe zokulungisa lichaza ibhuku elihlanganiswe ngumnikazi noma ngosebenzisa isindizi ngendlela ehambisana nemibandela yaleMigomo zemukelwe wuKhomishani ngaphansi komgomo 43.02.
ukuhlola ngempoqo ngezikhathi ezithile' kuchaza ukuhlola okuphoqwe ngaphansi komgomo 43.02.
indiza elula kalula' ichaza indiza encishiselwe isivinini sokundiza nesisindo ngesikhathi isuka emhlabathini.
isindiza sokungcebeleka' sichaza ibhanoyi elinesisindo esingekho ngaphezulu kwamakhilogilemu angu 850, esihamba ngenjini futhi esinezinkomba zesindizi esihamba ngaphandle kwenjini uma icinyiwe ;.
b Shicilela umgomo ohlongozwayo noma iqophelo lomsebenzi, isichibiyelo noma isihoxiso ngendlela evunywe yikomidi kulandela imizamo yalo echazwe emgonyaneni 3 njengoba ihlongoze ukushaya umthetho ngesaziso seGazethe uma uphathelene nemigomo noma ngesaziso sewebusayithi-CAA, uma uphathelene namaqophelo omsebenzi.
Ukugaxa umgomo 11.03.
Ngakho umgomo olandelayo ugaxwa ngemuva komgomo 11.03.
Ukugqugquzela inqubo yokubonisana, uKhomishani uyothula ingosi yokubhalisela ulwazi lwemithetho eshayiwe kuwebsayithi ye-CAA lapho umuntu eyokwazi khona ukubhalisa nokuzikhipha ngaphandle kwezindleko nalapho eyokwaziswa khona nge-email ngomthetho, ngesichibiyelo noma ngesihoxiso somthetho ohlongozwayo noma ngodaba oluthintene, kuhlangene neziphakamiso eziqondwe emgomeni 11.03.2 (b) ngenhla.
Noma yiliphi iqophelo lomsebenzi elikhishwayo liyoshicilelwa kwiwebsayithi yeCAA ngenhloso yokutholakala futhi ingacelwa kwiCAA lapho iyotholakala khona ngomqulu noma ngendlela elondolozwe ngobuchwepheshe bekhompuyutha, iyotholakala ngentengo enqunyiwe.
Isichibiyelo soMgomo 21.01.
a abatshuza emoyeni, izindizi ezisebenzisa injini nezindizi zokungcebeleka;". and b ukugaxa esikhundleni sendima j yomgonyana 1 indima elandelayo j iziphuphutheki ezingashayelwa muntu;".
Isichibiyelo somgomo 21.06.
b Ngaphandle uma egunyazwe wuKhomishani, uyosungula futhi agcine uhlelo lokuhlolwa komkhiqizo isikhathi esiyizinyanga ezingu-6 ngemuva kosuku okwakhishwa ngalo isitifiketi ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leyo mikhiqizo ihambisana nohlobo oluqoshiwe kanye nezimo eziphephile zokusebenza, umbiko mawethulwe kuKhomishani; futhi c Ngemuva kokuphothulwa kohlelo lokuhlola umkhiqizo oluchazwe endimeni b ethulwe kuKhomishani ibhukwana elichaza uhlelo kanjalo nenqubo okwakhelwe kuyo izinqumo eziqondwe kumgomo 21.06.22.
Isichibiyelo soMgomo 21.08.
b Ngemuva kokusetshenziswa ngaphansi kweNgxenye 137, lihlolelwa ukwedluliselwa komunye umsebenzi ngokulandisa kwemibandela yeNgxenye 43, noma ngasiphi isikhathi uma indiza iguqulelwa ohlotsheni oluvumela ukuthwala abantu ngokulandisa kweNgxenye 121, Ingxenye 127, Ingxenye 135 noma Ingxenye 138, ngaphandle uma Ukhomishani engasitholi isizathu sezokuphepha, kwisimo esithile.
Isichibiyelo soMgomo 21.08.
Isichibiyelo soMgomo 21.08.
ukundiza okweseka izinguquko ezinqala ezinhlotsheni; kanye iv nokundiza ngenhloso yokukhombisa ukuhambisana nemisebenzi nezidingo zokwethembeka ezifunwa yiMigomo; noma b ucwaningo nentuthuko ephathelene nokuhlola izinhlobo ezintsha zamabhanoyi, imishini emisha yamabhanoyi, izinsiza nobuchwepheshe obusha, amaqhinga amasha okusebenzisa izindiza noma izindlela ezintsha zokusebenzisa izindiza.
isitifiketi sokuhlola sohlobo lwendiza esikhishwa njengomkhandlu ofakazela igunya lokundiza ngendlela enqunywe kwiNgxenye 24 yeMigomo.
h olunye ulwazi olungafunwa wuKhomishani ngenhloso yokuphephisa umphakathi.
Isicelo sokukhipha igunya lokuzibonakalisa amandla okundiza ohlotsheni lwendiza ekleliswe esigabeni esithile noma soguquko kufanele senziwe ngendlela ehambisana nemibandela yeNgxenye 24.
Isitifiketi sokuhlola esikhishwe ngaphansi kweNgxenye siyoba semthethweni kuphela ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika nasemanzini ezwe. Ukunqamula kwelinye izwe noma emngceleni welinye izwe kuyodinga imvume yomkhandlu wezindiza olawulayo kulelo lizwe.
Isichibiyelo soMgomo 21.08.
d ukundizisa ibhanoyi noma iziwombe ezimbalwa zokusebenzisa ibhanoyi ngesikhathi lingasahambisani namaqophelo afanele omsebenzi ahlonzwe kumgomo 21.02.3; noma e ukusebenzisa indiza enesisindo esingaphezulu kwesilinganiso esivunyelwe ibhanoyi elisukayo lidlule ibanga elivamile noma umhlaba ongenazo izidingo ezifanele noma indawo yokwetha amafutha endiza. Isisindo eseqile esingase sigunyazwe ngaphansi kwalo mgonyana limiselwe kuphela enanini elingeziwe lamafutha, indawo yamafutha okwengezela nemishini yesimo esiphuthumayo nokuhlola okufanele isimo sokundiza.
Imvume yokundiza okwehlukile yohlobo olungaklelisiwe ingakhishwa njengegunya lokundiza ngendlela enqunywe yiNgxenye 24 yeMigomo.
c imininingwane yokungahambisani nesimo sokulungela ukundiza namaqophelo amiselwe indiza echazwe kumgomo 21.02.
d noma yisiphi isimo sombandela obonwa njengesenzo sokuphepha esifanele sokusebenzisa indiza; kanye e nolunye ulwazi olungadingwa wuKhomishani ngenhloso yokunquma imibandela yokusebenza kwendiza.
Ukhomishani unegunya lokwenza noma lokufuna kulowo ofake isicelo isiqiniseko sokuhlola noma izivivinyo zokuhlola isimo sokuphepha.
Isicelo esichazwe wumgonyana 3 kufanele siphelezelwe yintengo efanele enqunywe yiNgxenye 187.
Isicelo sokukhishwa kwegunya lokundiza ebhanoyini noma isichibiyelo kufanele sihambisane nemibandela yeNgxenye 24.
Imvume yokundiza okwehlukile ekhishwe ngaphansi kwale Ngxenye iyohlala isebenza kuphela ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika nasemanzini akhele lelizwe. Uma indiza yeqela kwelinye izwe noma umngcele welinye izwe iyofuna imvume emkhandlwini ongamele ukundiza kulelo lizwe.
Isichibiyelo soMgomo 21.08.
i yokuhlola indiza entsha ekhiqizwe yilowo mnikazi wemvume; noma ii yokuviliyela ngenjongo yokukhangisa ekhasimendeni uhlobo oluthile olusha lwendiza eqede ngempumelelo izivivinyo zokulungela isimo sokundiza.
Imvume ekhishwe ngaphansi kwalomgomo iyigunya kanjalo nezimo nemigomo yokundiza ebhalwe kahle ebhukwaneni noma emqulwini wenqubo yokusebenza kwendiza yalowo onemvume yesitifiketi segunya, kuye ngesimo ngasinye.
Imvume ekhishwe ngaphansi kwalo Mgomo iyosebenza kuphela ngaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika nasemanzini alelizwe. Uma indiza iwelela ngaphakathi komngcele welinye izwe iyodinga imvume yomkhandlu oqondene walelo lizwe.
b kwalezo zingxenye okufanele zifakwe kuleyo ndiza.
a ushintsho olungamanga noma oluyinkohliso embhalweni okufanele wenziwe, ugcinwe noma usetshenziswe sengathi uhambisana nezidingo ezinqunywe ngaphansi kwale Ngxenye; noma b oyokhiqiza kabusha noma ashintshe ngenhloso yenkohliso noma yimuphi umbhalo noma umbiko ngaphansi kwemibandela yale Ngxenye.
c uphephela ngamunye uyoba nencwadi yawo egunyaziwe.
Izincwadi zokusebenza kufanele zigcinwe endaweni ephephile ngaphakathi endizeni. Imininingwane yokulungiswa kwayo ngesikhathi iphumile esikhungweni kufanele idluliselwe encwadini yendiza, engakapheli amahora angu 48 libuyile esikhumulweni salo noma ifakwe ebhukwini engakapheli amahora angu 48 liqediwe ukulungiswa noma eminye imishini ibuyiselwe esikhumulweni salo.
Zonke izincwadi zendiza ezigcinwe futhi zalondolozwa ngokulandisa komgonyana odlule kufanele ngaso sonke isikhathi zinikwe isiphathimandla esigunyaziwe, umhloli noma umuntu ogunyazelwe ukuzihlola.
Indiza ekhandwe ngendlela evumela izihlalo ezingaphezulu kwesishagalombili, ibhanoyi eligunyazelwe isisindo esingaphezulu ko 5 700kg noma ujikamanzi onesisindo esingaphezulu ko 3 175kg lingaqondana nohlelo oluseceleni mayelana nesheduli evunyiwe yokulungisa izindiza, izinsimbi zayo nokulandelela iziwombe zokukhandwa kwendiza. Noma yimuphi umbhalo ofakwe ebhukwini lendiza kufanele uhambisane nezidingo ezimiselwe incwadi yendiza.
Indlela yokudweba izincwadi zendiza kufanele luyonqunywa wuMqulu we SA- CATS-GMR.
Izincwadi zendiza okufanele zigcinwe ngendlela elandela umgomo 43.1.3 ziyolondolozwa isikhathi esingekho ngaphansi kwezinyanga eziyisithupha kusuka osukwini okuhlakazwe ngalo uhlaka lwendiza, injini noma uphephela: Kungenzeka uKhomishani anqume isikhathi esingaphezulu sokugcina incwadi yendiza, injini noma uphephela wendiza elimale engozini.
Kunezincomo zokungashiyi izincwadi zendiza kuyona uqobo. Uma kwenzeka imibandela yomgonyana 3 isebenza noma izincwadi zifunelwa inhloso yokulungisa indiza futhi ingekho enye indlela yokwedlulisa lezo zincwadi zendiza, izincwadi ziyobe sezifakwa kuyo uqobo leyo ndiza.
Uma indiza ithengiswa kwelinye izwe futhi ithunyelwa nezincwadi zayo, umbhalo ofanayo wezincwadi ezikhombisa indlela enzulu elungiswe ngayo nokunye ukukhanda kanye namaphutha alungiswe esinyangeni eziyisithupha ezidlule, kufanele igcinwe yilowo oyidayisayo noma obhekele inhlangano elungise leyondiza, kuye ngokuthi ngubani oqondene.
Imibhalo efakwa encwadini yendiza okufanele igcinwe ngokulandisa komgomo 43.01.3 iyophothulwa futhi isayinwe ngumnikazi wemvume, ngumuntu onegunya eliphelele ngokweNgxenye 145 noma yilowo ovunyiwe ngokwenhloso kaKhomishani. Izindaba okungenzeka zingafinyeleli noma zaziswe lowo ongumnikazi wemvune noma ogunyaziwe ziyofakwa futhi zisayinelwe wumshayeli ophethe indiza.
Noma yimuphi umbhalo ogcinwe ngenhloso yokuqoqa umbiko ofakwa ezincwadini zendiza noma umbiko othinta uhlelo lokubhala ngaphandle nje kwencwadi yendiza uqobo uyovezwa uma kwenzeka ufunelwa ukuhlolwa noma uphenyo yisiphathimandla esigunyaziwe, ngumhloli noma ngumuntu onegunya.
Imibhalo efakwe encwadini yendiza uyoqukatha lonke ulwazi neminingwane ehlinzekelwe encwadini yendiza.
Noma yinini, uma kunemibhalo ethile efakwa encwadini yendiza, lokho okulungiswayo kuyokwenziwa ngendlela eshiya umbhalo omdala ubonakala. Akuvunyiwe ukusebenzisa into efana nesisusi-mbhalo noma indlela efanayo ehliphizayo negqiba umbhalo omdala.
Uma ukukhandwa kwendiza, injini noma insimbi ethile noma umshini kwenziwe ngemuva kokulimala okudalwe wukuhlala ngamawala kwendiza emhlabathini noma ngempoqo noma umonakalo oyiphutha lasemkhiqizweni, umbhalo ofakwa encwadini yendiza mayelana nalokho kukhanda kufanele kuchaze ukuthi sasikhona isidingo sokuba indiza ihlale ngamawala noma ngempoqo.
Izincwadi zendiza ezichazwe wumgomo 43.01.3 kufanele zigcinwe zibuyekeziwe futhi ziphathwe kahle, zifundeke bese zihlala isikhathi eside ngendlela okusetshenziswa ngayo imiqulu yezindiza.
Uma umnikazi wendiza ebika ukulahlekelwa yizincwadi zendiza yakhe evele isebenza, isicelo sentsha siyokwenziwa ngokubhaliwe siqonde kuKhomishani siphelezelwa wumbiko ofungelwe nemininingwane efanele ngenhloso yokuvuselela kabusha izincwadi zendiza.
Uma uKhomishani emukela isicelo sezincwadi zokubambela endala, leyo mvume yezintsha iyokwenziwa ingxenye yaphakade yaleyo ncwadi yendiza.
Uma ilahlekile incwadi yendiza, Isitifiketi seGunya lokuNdiza noma Igunya lokuNdiza liyothathwa njengento engasasebenzi kuze kufike isikhathi lapho zonke izidingo zokuvula incwadi yesibili engumfakela sezifeziwe.
Indiza ngayinye kwiLejista yeziNdiza zaseNingizimu Afrika iyolungiswa ngokulandela uhlelo lokulungisa izindiza olunqunywe ngaphansi komgomo 43.02.8.
Umnini wendiza uyodweba noma aqinisekise ngokudweba uhlelo lokulungiswa kwendiza yakhe ngendlela ehambisana nemibandela yeQophelo Elifanele Lomsebenzi 43.02.8 eMqulwini SA-CATS-GMR.
Umnini noma inhlangano ebhekele ukulungiswa kwendiza uyothula uhlelo lokulungisa indiza kuKhomishani ukuze alwemukele.
Uma uhlelo oluhlongozwayo lokulungisa indiza luhlangabezana nezidingo zeQophelo Elifanele elingu 43.02.8, uKhomishani uyovuma lolo hlelo oluphakanyiswayo ngendlela olwethulwe ngayo noma ngemuva kwezinguquko ezithile ezenziwe nguye noma ngabathize abanentshisekelo ekuphepheni kwemboni yokundiza.
Umnini wendiza engacela uKhomishani aguqule okwesikhashana noma ngokugcwele uhlelo oluvele selwemukelwe.
Ngale kwemibandela yomgonyana 1 kuya ku 5, umnikazi wesindizi esingadingi sitifiketi esiqhutshwa ngokulandisa kweNgxenye 94 yaleMigomo enganikwa ushwele esidingweni sokwethula uhlelo lokulungisa isindizi sakhe esiyophasiswa wuKhomishani, inqobo uma egcina isindizi sakhe ngendlela ehambisana nemibandela yeNgxenye 24 neNgxenye 94.
b elungisa indiza ngaphansi kweso likanjiniyela onemvume yokuyikhanda okleliswe ezingeni elifanele ngaphansi kweNgxenye 66; noma c ogunyazwe yilowo onemvume yenhlangano elungisa izinsiza okleliswe ezingeni elifanele ngokulandisa kweNgxenye 145 ukuba angalungisa indiza nokuyilungelo alithole ngemvume anayo.
a lowo engumnini noma esebenzisa indiza; futhi b indiza isetshenziselwa imisebenzi engaqondene nohwebo.
a egunyazwe wuKhomishani noma yinhlangano eqokwe wuKhomishani ngenhloso yokufeza Ingxenye 149, kuye ngesimo ngasinye ukuba engalungisa indiza; noma b elungise indiza ngaphansi kweso lomqaphi ogunyazwe wuKhomishani noma yinhlangano eqondwe wumgonyana a.
Ukulungiswa kwendiza okwenziwa ngezikhathi ezithile, ukuhlolwa kwendiza ngabahloli, ukushintsha isakhiwo sayo, ukulungisa umonakalo omkhulu, izinguquko nokuguqula kakhulu isimo sendiza engaphezulu ko 5 700kg noma ujikamanzi onesisindo esingaphezulu ko 3 175kg kuyokwenziwa kuphela futhi kuqinisekiswe yiNhlangano Yokulungiswa kweziNdiza egunyaziwe AMO.
f uma kulungiswa indiza okusetshenziswa kuphela isitifiketi sayo, kufanele ilungiswe ngokulandela ibhukwana lokuyilungisa eligunyazwe ngumnikazi MCM. Uhlaka nezidingo zeMCM zinqunywe wuMqulu SA-CATS- GMR.
Uma kutholakala ngesikhathi sokukhanda ukuthi kukhona izingxenye ezithile, umkhiqizo, umshini noma into engalungiseki noma okunamathuba amancane okuba igcineke esimeni esijwayelekile kuze kufike isikhathi esilandelayo sokuhlola, kufanele kuthathwe izinyathelo ezifanele zokulungisa iphutha layo ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi leyo ngxenye, insimbi noma into ilungiswa ngaphambi kokuba indiza idedelwe ukuyoqala emsebenzini.
Izinto ezonakele kufanele zibhalwe zikhishwa ohlwini lwempahla yendiza zifakwe eshadini lokusebenza. Noma yisiphi isenzo sokulungisa ingxenye, insimbi, umshini noma into elungiswayo siyobhalwa ngokucacile encwadini yendiza noma kolunye uhlelo lokubhala oluvunyelwe bese iqinisekiswa ngemvume emukelwe noma ngumnikazi wegunya ngaphambi kokuba ifakwe noma kudedelwe indiza ekaze ikhandwa.
Umuntu ogunyaza umbhalo ochazwe wumgonyana 2 uyophinde aqinisekise ebhukwaneni lokundiza ukuthi insimbi noma into etholwe ingalungile ilungisiwe ngempela futhi uyosayina abhale nosuku okwenziwe ngakho lokho.
Ngaphandle uma Ukhomishani emukele ngokubhaliwe, indiza noma izitho zayo nemishini exhunywe kulo iyolungiswa noma ishintshwe ngezikhathi ezithile ezimiswe wumkhiqizi wendiza noma ngezikhathi ezinconywe nguye.
Ukulungisa kakhulu umkhiqizo weSigaba 1 noma Isigaba II kanye nokukhanda isakhiwo uqobo, injini noma uphephela kufanele kwenziwe kuphela yinhlangano egunyazwe yimvume yokukhanda izindiza.
Inqubo yokuvuselelwa kwesitifiketi sokundiza ebhanoyini elimiswe ngenxa yokulimala engozini noma esigamekweni esibeka umkhiqizo wesigaba I ungakulungeli ukusebenza inqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Izidingo zokulungisa kabusha izingxenye nezitho kanye nemishini exhunywe endizeni, izinjini nophephela zinqunywe kahle wuMqulu SA-CATS-GMR.
Uma Ukhomishani evumela isikhathi sokukhanda indiza TBO esihlukile kuleso esinconyiwe noma esichazwe wumkhiqizi wendiza, leso sikhathi siyochazwa ohlelweni olwemukelwe lokulungiswa kwendiza. Ngaphezulu kwalokhu, uma umkhiqizi wendiza engenzanga sincomo noma echaze ukukhandwa kwesitho esichaziwe ngezikhathi ezithile kodwa Ukhomishani ebona kufanele lezo zitho zilungiswe ngezikhawu ezithile ngenhloso yokufeza isimo sokuphepha, Ukhomishani enganquma isikhathi esisondele phakathi kokulungiswa kwalezo zitho zendiza ngendlela efakwa ohlelweni olwemukelwe lokulungisa indiza.
Izidingo zokushintsha imikhiqizo, izingxenye nezinto bese kufakwa ezintsha noma zilungiswe kabusha yilezo eziqukethwe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Noma ngubani ohlola noma olungisa imishini esetshenziswa ekuxhumaneni, ekuhloleni indlela yendiza noma ukuhlola isimo ngaphakathi endizeni eyosebenza ngaphansi kohlelo lwe IFR kufanele ayihlole ngendlela enqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Ngaphandle kwemvume ebhaliwe kaKhomishani, akekho umuntu ongaqhuba indiza ebhaliswe eNingizimu Afrika ngaphandle kokuba isisindo sayo esingalayishe lutho siqoshwe ngesikali sokuhlola isisindo esikhathini esingedlulile eminyakeni emihlanu edlule.
Uma kwenziwa izinguquko ezingaba nomthelela esisindweni sendiza engalayishile noma ekumeni kwayo, kufanele imininingwane yesisindo nokuma kwayo kuchitshiyelwe.
Isisindo sendiza engalayishile kufanele sinqunywe ngokusebenzisa ubuchwepheshe bokukala noma isikali sesisindo yinhlangano elungisayo enolwazi olufanele lokulungisa izindiza noma ngumuntu omukelwe nguKhomishani. Iphakathi lendawo elisha endizeni liyokalwa kahle ngobuchwepheshe ngemuva kwalokhu.
a siyoqinisekiswa wuchwepheshe wesiphathimandla sikaHulumeni; noma b uma kusetshenziswa isikali sikagesi, siyohlolwa yiNhlangano yaMaqophelo yaseNingizimu Afrika noma umkhandlu ofanayo omukelwe wuKhomishani.
Imininingwane yesisindo nendawo ephakathi nendiza njengoba yethulwe wumkhiqizi wendiza entsha iyomukeleka ekufezeni inhloso yalo mgomo esikhathini seminyaka emihlanu yokuqala, inqobo uma isisindo ngaphandle kokulayisha sitholwe ngesikali sesisindo.
Ngenhloso yalo mgomo, isisindo sendiza engalayishile ngendlela eqokwe ngosuku lokugcina lokukala isisindo siyoba yisisindo sendiza kanye nezinjini zayo kuhlangene neziqandisi zenjini, amafutha enjini nezinye izitho zayo, izitho ezixhunywe endizeni neminye imishini enamathele kuyo.
Ngaphandle kwemibandela yemigonyana edlule, noma ngasiphi isikhathi, Uma uKhomishani ebona isidingo sokuphepha komphakathi uyofuna indiza ihlolwe isisindo noma imaphakathi layo.
Inqubo yokuthola isisindo nalapho uyobhalwa khona umphumela wezibalo zokuthi ibhalanse kangakanani indiza kufanele inqunywe wuMqulu SA- CATS-GMR.
Izivivinyo zempoqo nokuhlola kuyokwenziwa ngokulandisa kohlelo olwemukelwe lokulungisa leyo ndiza ngezikhathi ezithile noma ngezikhawu ezinqunyiwe.
b noma iyiphi indiza ngaphandle kwaleyo eqondwe endimeni a kufanele kube nohlelo lokulungisa olwemukelwe isigaba esithile sezindiza okufanele zihlolwe ngezikhawu ezithile ezinqunyelwe kanjalo wuhlelo.
Indiza eqondwe wumgonyana 2ai engakaqedi amahora angu 100 esikhathini esilingana nezinyanga eziyishumi nambili kusukela ekuhlolweni kokugcina iphoqelwe ukuhlolwa ngaphambi kokuba idedelwe iphindele emsebenzini.
Indiza eqondwe wumgonyana 2aii engaqedile uhlelo lokuhlolwa singakapheli isikhathi esinqunywe ngumkhiqizi wayo noma yiKhomishani iyophoqelwa ukulandela uhlelo lokuhlolwa ngaphambi kokuba idedelwe iphindele emsebenzini.
b uma ehlola ibanga lokusuka kwendiza emhlabathini abhale oqwembeni lwesikali sesivinini usuku nezinga lokugcina umshini okwazi ukufinyelela kulo ngesikhathi uhlolwa.
Noma ngubani ovivinya noma ohlola ibhokisi lesimo esibucayi uyolivivinya noma alihlole ngendlela enqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
b uma eqhuba uhlelo oluyimpoqo olwenziwa ngezikhathi ezithile, ukuhlola okuqhubekayo noma ukuhlola okuhleliwe kufanele asebenzise uhlu lokuqaphela oluxube umthamo nemininingwane yezivivinyo nokuhlola okuqondwe wumgomo 43.02.8.
b aqhube isivivinyo ngokusebenzisa amaqhinga, amasu nemikhuba ejwayelekile ngendlela echazwe wuMqulu SA-CATS- GMR; kanye c asebenzise imishini efanele yokuhlola ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi isivivinyo esingalimazi siqhutshwa ngendlela ehambisana nezidingo ezifanele zomkhiqizi.
Noma ngubani olungisa indiza ngendlela echazwe esigabeni semigomo yezimfanelo zebhukwana lomkhiqizi lokulungisa indiza noma eminye imiyalelo yokulisebenzisa ngokuphephile uyoqhuba umsebenzi wokulungisa ngendlela ehambisana naleso sigaba.
Ngaphandle kwemvume ebhalwe wuKhomishani, akekho umuntu oyokwenza noma yiziphi izinguquko ezihlanganisa imishini noma impahla exhunywe endizeni ephazamisa noma engaba nomthelela wokuphazamisa indlela indiza elungiswa ngayo noma ukuphephe kwabagibeli noma abanye abantu nempahla.
a anike uKhomishani lolo lwazi, imininingwane, izibalo, imibiko yokuhlola, imidwebo noma imidwebo yezintambo zikagesi eziphathelene nesakhiwo sendiza nobufakazi bamandla noma sokulungela kwebhanoyi ukundiza ngemuva koshintsho, kuye ngokuthi uKhomishani yini enye ayifunayo, kanjalo b afake nenkokhelo efanele enqunywe yiNgxenye 187.
Ngaphandle kwemibandela yomgonyana 1 no 2, lezo zinguquko okungenzeka zihlale zinconywa izikhathi ngezikhathi wumkhiqizi wohlobo lwendiza noma yomshini oqondene zingenziwa uma izinguquko ziqhutshwa ngokulandela lezo zincomo zomkhiqizi.
Ngemuva kokulungisa kakhulu indiza noma ukuyiguqula, uma efuna kanjalo uKhomishani indiza iyohlolwa ngokuyindizisa ngaphansi kwalezo zimo nendlela enqunywe yi SA-CATS-GMR.
Yithimba elibalulekile kuphela eliyongena ngaphakathi kwaleyo ndiza ehlolwa ngokundiziswa.
Noma yikuphi ukukhanda indiza noma ingxenye ethile yayo okwenziwa ngemuva kokulimala engozini noma esigamekweni esithile kuyoqhutshwa ngokulandela izidingo ezinqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Kulandela ukukhanda ngokugcwele indiza ngemuva kokuba sengozini ngendlela echazwe yindima b, encazelweni yengozi kwiNgxenye 1 yale Migomo, indiza iyohlolwa ngumhloli woMkhandlu weziNdiza mayelana nesimo sokuthi ikulungele yini ukundiza noma ngomunye umuntu oqokelwe lomsebenzi wuKhomishani ngaphambi kokudedelwa kwendiza ukuba iyosetshenziswa.
Inhlangano elungisayo noma isikhungo sokukhanda esiphothule umsebenzi wokulungisa siyokhokha inkokhelo efanele yokuhlola njengoba inquma Ingxenye 187.
Noma yiliphi iwashi elikhomba indlela elifakwe endizeni kufanele ligcinwe ngendlela ehambisana nezidingo ezinqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Izidingo ezingeziwe zezinjini ezisebenza lapho selindiza ibhanoyi ezigunyazelwe ibanga elide lokuhamba zinqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Indiza ehoxiselwe ukubekwa iyohlangabezana nemiyalelo yokulondolozwa ephuma kumkhiqizi wendiza ngendlela efanele ehambisana nebhukwane lokulungisa, izincwajana zokulungisa indiza noma imiyalelo yokulungisa ngesikhathi lisamile. Ngaphambi kokuba indiza ibuyiselwe endleleni kade likhandwa, kuyolandelwa umgudu ofanele wokulikhanda ngaphambi kokuba liqale emsebenzini.
Noma yimuphi umkhiqizo weSigaba 1, II noma III noma ingxenye ethile, akukhathalekile ukuthi intsha noma seyike yasebenza phambilini engenawo umlando noma elandelekayo noma enomlando ongavezi ukuthi igunyazwe ngumkhandlu obhekele izindiza iyothathwa ngokuthi ayilungiseki futhi akufanele ifakwe ohlotsheni lwendiza ekhishele imvume yokundiza esetshenziswa noma ehlose ukusetshenziswa ngaphansi kweNgxenye 96.
i indawo, uma kwenzeka igama lesikhungo lapho ikhandwe khona indiza; kanjalo j indawo lapho indiza ilungiswe kuyo ngenxa yokwehluleka kwanoma yimuphi umshini noma umonakalo odalwe wukuhlaliswa phansi ngempoqo noma ngengozi, izizathu zokulungiswa kwendiza.
b uma kunamaphepha okuqopha umsebenzi owenziwe noma eminye imibhalo yomlando wokulungisa asetshenziswe ekubhaleni imininingwane yokukhanda, kufanele achazwe ebhukwini lendiza, ephepheni lendiza noma emlandweni wokulundiza ovunywe wuKhomishani.
Indlela yokugcwalisa ibhuku lendiza, amaphepha okundiza nomlando wokulungisa indiza okuqondwe wumgonyana 2 nesikhathi esiyohlalwa yile miqulu iyonqunywa wuMqulu SA-CATS-GMR.
i neqophelo elivunywe manje neminingwane yokusebenza kwayo eqoshwe yabhalwa ngumnikazi wemvume yalolo hlobo lwendiza noma isitifiketi sohlobo lokwengezela ngaleyo mpahla esikhishiwe ngaphansi kweNgxenye 21 yebhukwana lemiyalelo yezokundiza, incwadi yokulungisa indiza noma omunye umqulu ochazwe njengophoqelelwe nguKhomishani; noma ii amanye amaqophelo noma imininingwane yokusebenza evunywe wuKhomishani.
Noma ngubani olungisa noma oguqula kakhulu isimo sendiza, ngaphezulu kokubhala isenzo ngendlela eqondwe wuMgomo 43.03.01 uyophinde abhale lokho okulungisiwe noma ushintsho bese ekhipha isitifiketi esiphathelene okulungiswa kwendiza njengobu kunqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
Noma yikuphi ukuhlola okunqunywe emgomeni 43.02.
a Ukuhlola okuphoqiwe noma okunye ukulungiswa kwendiza enikwe imvume evamile yokundiza noma efanele ukundiza: kuyokwenziwa ngumnikazi wemvume yenhlangano elungisa izindiza AMO okleliswe ezingeni elifanele.
b Ukuhlola okuphoqiwe noma okunye ukulungiswa kwendiza eGunyazwe ukundiza ngaphansi kweNgxenye 24: kuyokwenziwa ngunjiniyela onemvume yokulungisa indiza AME noma ngumuntu onemvume nesitifiketi esikhishwe ngaphansi kweNgxenye 66 okleliswe ezingeni elifanele.
Noma iyiphi indiza egcine ukuhlolwa ngokuphoqiwe yase inikwa imvume wunjiniyela onemvume yokulungisa indiza nokufanele ithole isitifiketi sokuba sesimweni sokundiza ngokombandela weNgxenye 21 kudingeka ihlolwe futhi iqinisekiswe yinhlangano elungisa izindiza ekleliswe ezingeni elifanele.
Noma yikuphi ukulungiswa kakhulu kwendiza okuthathwa njengokuphoqiwe mayelana nendiza enikwe isitifiketi sesigaba esivamile sokuthi ingandiza kufanele kwenziwe ngezikhathi ezibekiwe futhi ngendlela enqunywe kuphela yinhlangano yokulungisa izindiza.
Noma yimuphi umsebenzi wokwengeza, owenziwa ngesikhathi sokuhlola uyobhalwa ohlwini lokuhlolisisa futhi uqinisekiswe ebhukwini lendiza ngunjiniyela olungisa indiza noma ngumuntu ogunyazwe yinhlangano ethintekayo elungisa indiza.
Imibhalo eqondene nezingxenye noma izinsimbi ezinempilo elingene noma ezike zasetshenziswa phambilini kufanele ilandeleke. Izingxenye ezingenawo umlando ziyothathwa njengezingxenye ezingalungiseki futhi lezo zingxenye ngeke zifakwe endizeni.
d mayelana nokulungiswa kwendiza ngaphandle kwezwe, onemvume noma igunya elilinganayo elikhishwe wumkhandlu ofanele nomukelwe wuKhomishani maqondana nohlobo noma ingxenye yendiza.
Umnikazi wemvume yokushayela indiza ekleliswe ngendlela ehambisana neNgxenye 61 noma 62 engakhipha isiqiniseko sokuthi indiza ilungiswe ngokuhambisana nezimo eziqondwe wuMgomo 43.02.22.
Akekho umuntu oyokhipha isiqiniseko sokukhulula indiza noma ingxenye yayo iphindele emsebenzini ngemuva kokulungiswa ngaphandle kokuba ukukhanda kwenziwe ngendlela ehambisana nemibandela yale Ngxenye futhi indiza noma insimbi efakiwe ivumela ukuba indiza isebenze ngokufanele.
A Isitifiketi sokukhulula indiza ibuyela emsebenzini siyohlala isikhathi esingevile ezinyangeni ezingu 12 noma amahora angu 100 okundiza, kuye ngokuthi yikuphi okufika kuqala noma leso sikhathi esivunywe wuhlelo oluqhubekayo lokuhlola izindiza oluchazwe wumgonyana 43.02.8 (a)(ii).
Uma isitifiketi segunya lokundiza siphelelwa yisikhathi ngenxa yamaphutha akhona endizeni kodwa angaxhumene nesakhiwo uqobo, isitifiketi siyovuselelwa uma iphutha selilungisiwe kanjalo kwakhishwa isiqiniseko esifanele.
Uma isitifiketi siphelelwa yisikhathi ngenxa yebhanoyi elitholwa nephutha elikhulu ngemuva kwengozi noma isigameko esiphazamisa ukulungiseka koMkhiqizo okleliswe eSigabeni 1, isitifiketi sokukhululwa kwendiza siyomiswa.
a umbiko onqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR; kanjalo b asayine igama lakhe, imvume noma inombolo yegunya nosuku kulelo bhuku.
a umbiko onqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR; kanjalo b asayine igama lakhe, imvume noma inombolo yegunya nosuku kulelo bhuku.
Uma zingekho izinsimbi ezifakiwe noma ezabelwe indiza, umuntu okhipha isiqiniseko sokukhulula indiza kufanele akhiphe isiqiniseko ngokugcwalisa ifomu enqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR.
c uyobhala usuku lomsebenzi, asayine igama lakhe, inombolo yemvume noma igunya lakhe nombiko ofanele ngendlela enqunywe wuMqulu SA-CATS-GMR, ebhukwini elifanele lendiza.
Uma imininingwane emukelwe ukulungisa noma ukuguqula isimo sendiza noma sengxenye ethile emsebenzini ochazwe ebhukwini lokundiza noma emsebenzini ovamile, umuntu okhipha imvume yokukhulula indiza ukuba iyosebenza ngeke ayikhiphe leyo mvume yokudedela ibhanoyi ngaphandle kokugcwalisa imininingwane yoshintsho ebhukwaneni lendiza.
a kokuhlola ngokuphindelela isimo sokuphepha kwezinsiza zokulawula indiza; kanjalo b kukubhala isenzo sokuhlola isimo sokuphepha nesiqiniseko ebhukwini lendiza noma kwelinye ibhuku lomlando wokulungisa indiza ovunywe nguKhomishani.
a ukuhlolwa ngumuntu ochazwe wuMgomo 43.04.1 ngenhloso yokukhipha isiqiniseko sokukhululwa kwendiza iphindela emsebenzini okuhambisana nokulungiswa kwezinsiza zokulawula ibhanoyi; kanjalo b ukuhlola kwesibili okuqhutshwe ngomunye umuntu oqondwe 43.04.1.
i ebhukwini elifanele lenjini noma lendiza; kanjalo ii emlandweni wokulungisa ibhanoyi.
i enjinini efanele noma ebhukwini lendiza; noma ii emlandweni wokulungisa indiza.
Akekho umuntu oyokhipha isiqiniseko sokukhulula indiza noma ingxenye yayo ukuba iphindele emsebenzini ngaphandle kokugcwalisa ikhasi lemininingwane yohambo lwendiza. Lokhu kuhlanganisa isigaba sokubhala yonke into elungisiwe noma eyonakele.
Isichibiyelo soMgomo 47.00.
Isitifiketi sokubhalisa ngeke sisaqala ukusebenza ngomhlaka 15 ngemuva kosuku umnikazi waso adlulise ngalo ngokugcwele imvume yakhe iqondiswe komunye mayelana nelungelo lobunini bendiza elingenawo umkhawulo.
c ukugaxa esikhundleni sesisho "kusuka ekuqaleni kosuku lweshumi nanhlanu ngemuva kokuphela kwesikhathi sesitifiketi" somgonyana 6 isisho esilandelayo "kusuka ngosuku lokuphela kwesitifiketi sokubhaliswa ngokulandisa komgonyana 4;".
Isichibiyelo soMgomo 47.00.
Isichibiyelo soMgomo 47.00.
b ukuthi isitifiketi sokubhaliswa siphelelwe yisikhathi ngokulandisa komgomo 47.00.104 futhi asikatholwa isicelo esiqondwe wumgomo 47.00.112;
Isichibiyelo soMgomo 47.00.
a yisikhathi esiqedwa ngaso ngokulandisa komgomo 47.00.104; noma b yisikhathi lapho ukubhaliswa kwendiza kunqanyulwa nguKhomishani.
Umnikazi wesitifiketi sokubhalisa esiphelelwe yisikhathi ngokulandisa kwale Ngxenye uyosiphindisela kuKhomishani zingakapheli izinsuku ezingu-14 kusuka osukwini lokunqamula noma lokumisa isitifiketi.
Ingxenyana 44 yeNgxenye 61 yeMigomo iyacinywa lapha.
Isichibiyelo soMgomo 65.02.
Uma kwenzeka umuntu olawula izindiza emoyeni nongumuntu onegunya elifanele lalo msebenzi futhi esewenze okungenani izinyanga ezingu-12 ecelwa ukuvuselela imvume yakhe kwesinye isikhungo esikhipha igunya lokulawula izindiza emkhathini, lowo muntu uyoba nomthwalo wokuveza ubufakazi bokuthi usebenzile ngaphansi kweso lomqeqeshi olawula izindiza emkhathini oqashwe yisikhungo esivuselela imvume nokumklelisa ezingeni elifanele, lowo olawula izindiza novuselela imvume kufanele okungenani achithe amahora angu 50 efeza izidingo zokuthola lemvume. 
Isichibiyelo soMgomo 65.02.
Umnikazi wenhlangano enemvume yokulawula izindiza emkhathini nokleliswe ngezinga elithile uyoletha amakhophi ayo yonke imibhalo ekhombisa ikhono eliqhubekayo kuKhomishani zingakapheli izinsuku ezingu-21 ngemuva kokuhambisana nezidingo ezifanele ezinqunywe yile Ngxenye.
Isichibiyelo soMgomo 65.08.
Ofaka isicelo sokuvuselelwa izinga lokuklela, uyothola imvume ngemuva kokuveza ukuthi usebenze ngaphansi komqeqeshi olawula izindiza emkhathini esikhungweni esigunyaziwe sokulawula izindiza nalapho echithe khona isikhathi okungenani esingamahora angu 100, uhafu waso ongachithwa emshinini wokulungisela isimo sangempela sokulawula indiza, isimo sokulingisa kufanele sifane ngempela nesimo esilindelwe futhi sibe ezingeni elifunwayo lokuvusela imvume.
Isichibiyelo soMgomo 65.10.
Ofaka isicelo sokuthola imvume yokukleliselwa indawo yokulawula izindiza uyosebenza ngaphansi kweso lomqeqeshi wesikhungo sokulawula izindiza, uqeqesho luyokwenziwa kuleso sikhungo okungenani amahora angu 200, kuyothi uhafu wesikhathi uchithwe ngokusebenza ngaphansi kwesimo sokulingisa esangempela esiveza zonke izinkomba nesimo esiphathelene nokulawula izindiza ngaphansi kwemvume efunwayo.
Isichibiyelo somgomo 66.01.
Isichibiyelo somgomo 66.08.
Isichibiyelo somgomo 66.09.
Isichibiyelo soMgomo 67.00.
Umgomo 67.00.5 weMigomo uchitshiyelwa ngokugaxa esikhundleni somgonyana emagameni athi "Umthetho ka 1974 weMisebenzi yoChwepheshe yeZempilo noDokotela baMazinyo," bese kungena amagama "Umthetho ka 1974 woChwepheshe beZempilo."
Isichibiyelo soMgomo 67.00.
Isichibiyelo somgomo 91.02.
Amahora angu-1000 ezinsukwini ezingu-365 ezidlule; noma v Ngendlela echazwe esikhathini somshayeli esivunyiwe nohlelo lwezikhathi zokusebenza kwakhe.
Isichibiyelo somgomo 91.02.
k Uma indiza ifakwe umshini we-ELT, ngaphambi kokucisha injini ekugcineni kwesikhathi sokundiza njengengxenye yokuhlola okwenziwa kamuva, uyovula isiteshi somsakazo- 121, 5MHZ, lapho eyolalela khona ukuthi i-ELT iyasebenza yini.
i ngokushesha ngokuthumela umyalezo esikhungweni esiseduze se-ATS sithunyelwa kwi-ARCC; kanjalo ii sibhalwe ebhukwini elifanele lokulungiswa kwendiza ukuze libonwe ngesikhathi sokulungiswa kwalo.
breathing umoya ofanele wokuphefumula uyafinyelela emalungeni ashayela indiza nakubagibeli uma kucatshangwa uhambo ngendiza engasebenzisi umoya angaphezulu kwamafithi angu 10 000 kuze kube ngamafithi angu 12 000 edlule ngemizuzu engu-120 esikhatii esihloswe ekundizeni; noma ngaphezulu kwamafithi angu 12 000 usuka emhlabathini.
Isichibiyelo soMgomo 91.04.
Umgomo 91.04.5 weMigomo uchitshiyelwa ngokucima indima (i).
Isichibiyelo soMgomo 91.04.
a lowo mshayeli ozihambela yedwa esebenzisa izinsiza zokulalela ezifakwa endlebeni noma into efanayo futhi ethintwa endaweni ethile ukwedlulisa umbiko ngendlela engafuni ukuba umshayeli wendiza asuse izandla zakhe esitelingini sendiza, ezintweni alawula ngazo indiza noma okunye okuhlobene nokwenza njalo; kanjalo b uma indiza ishayelwa ngosizo lwensiza yokuzwa ngesimo sezulu, leyo ndiza iyonikwa isiqiniseko sokushayelwa ngumshayeli oyedwa futhi ixhunywe ngensiza yokuba ikwazi ukuzishayela yona, okungenani ukuhamba emzileni oqondile ngaphandle kokuguqula ukuphakama noma ukwehla kwayo emhlabathini; noma c ujikamanzi, uma eshayelwa ebusuku ngaphansi kwesimo sezulu esilawulwa ngokulandela umbiko odluliswa ngezinsiza zokulalela, lowo jikamanzi uyofakelwa imishini ekhandekayo ekwazi ukuthi indiza izihambele ngokwayo, okungenani ebangeni elithile lokuphakama nokuhlala emzileni eliqondiswe kuwo noma lifakwe umshini ofanayo, inqobo uma lesi sidingo singeke sisetshenziswe wujikamanzi ozula eduze nesikhumulo sezindiza ezisukayo noma eminyene kakhulu, ekhanya kakhulu ngendlela ehambisana nemibandela yomgomo 91.06.322 kodwa engaphakeme ngaphezulu kwamafithi angu 3 500 ukwedlula esilinganisweni esinqunyiwe.
Isichibiyelo soMgomo 91.04.
Umgomo 91.04.10 weMigomo uchitshiyelwa ngokugaxa esikhundleni sesisho "njalo ngemuva kwezinyanga eziyisithupha" endimeni (a) yomgonyana lesi esilandelayo " ngonyaka".
Isichibiyelo soMgomo 91.05.
a emkhathini; noma b ngaphansi kwemithetho yokundiza, ngokulawula komgomo 172.02.2 izigaba zomkhathi wezindiza, noma c emkhathini ofuna imithetho ehlukile eqondene nohlelo lokuxhumana nesikhungo esilawula izindiza emoyeni, ngaphandle kokuba leyo ndiza ifakwe lowo mshini wokuxhumanisa, ngendlela echaziwe.
Isichibiyelo somgomo 91.07.
Ukugaxa umgomo 91.07.
Lomgomo olandelayo ugaxwa kwiMigomo ngemuva komgomo 91.07.
i Umshayeli enquma ukuthi uhambo lungaqhubeka ngendlela ephephile; kanjalo ii umuntu obhekele ukulawula indiza, okungenani onemvume ezimele yesigaba, uhlobo neqoqo elifanele.
Uma umshayeli ezivivinya ngohlelo lapho indiza izihambela khona ngokwayo, okungenani omunye wabashayeli uyoba nemvume efanele noma esezingeni elivunyiwe maqondana nebhanoyi elindizayo nalapho eyoba ngumshayeli oqavile.
Uma indiza esebenzisa izinsiza ihamba ebusuku endaweni ye-VMC, umshayeli oqaphile uyoba nemvume efanele yokusebenzisa izinsiza zendiza.
Uma uhambo ngendiza elawulwa yizinsiza lwenziwa ngenhloso yokuhlola kahle izinsiza nokuthola izinga lazo elifanele, umshayeli oqaphile uyoba ngumqeqeshi osezingeni elifanele lezokundiza.
Isichibiyelo soMgomo 91.09.
Isichibiyelo somgomo 121.02.
i ibhanoyi linikwe isiqiniseko futhi likhandwe ngendlela egunyazelwe imisebenzi yokushayelwa ngumuntu oyedwa, ngendlela enqunywe nguMgomo 121.05.
umshayeli esefake ebhukwaneni lokusebenza kwendiza, nokuchazwe wuMgomo 121.04.2, uhlelo oluvunyiwe noluqhubekayo lokuqeqesha abashayeli bezindiza oluxube izidingo ezingeziwe zomsebenzi odinga umshayeli oyedwa njengoba unqumile Umgomo 121.03.
dd amahora angu-100 ayochithwa ekundizeni ebusuku njengephini lomshayeli noma njengomshayeli ophethe; kanjalo ee amahora angevile ku-100 angachithwa ngokufunda ngesimo sangempela kodwa angu-25 noma ngaphansi asetshenziswe kwinqubo yoqeqesho lokundiza noma ezifundweni zokuqala zokusebenzisa izinsiza zangaphakathi endizeni
A Ngale kwemibandela yomgonyana 6, akekho umuntu ongasusa noma ahlalise phansi ibhanoyi leSigaba II noma Isigaba III ngaphandle kwethimba lokundiza elixube iphini lomshayeli oqeqeshwe ngokwenele.
Kulomgomo, akukho okuyothathwa ngokuba yincazelo yokuthi uhambo lwendiza ngaphansi kwe-IFR noma ebusuku, ngenhloso yemiyalelo yokundiza ekhishwe ngumqeqeshi ofanele wezokundiza kuyoba yisenzo sokwenziwa ngumshayeli oyedwa noma okuchaza ukuthi lolo hambo loqeqesho, uma lwenziwa ngaphansi kweNgxenye 121 luyodinga ukwenziwa ngabashayeli ababili abaqeqeshiwe.
Isichibiyelo somgomo 121.05.
aa uhlelo lokuzidumela noma ukusebenzisa indlela yokuzidumela kwezinjini ngesikhathi indiza isuka noma ihlala ngaphansi kwesimo esiphuthumayo nesinzima; kanjalo bb ibhukwana lomminzo kaphetholo osebenza ukulawula uphetholo uphambuke noma ungasebenzisi indlela evamile yokusebenza kwenjini, uma kwenzeka sihluleka isigujana esilawula uphetholo.
Qaphela: Ngenhloso yendinyana (m)(i), ukugcina ukuhamba namandla omlilo ngaphakathi endizeni kuhlanganisa izinto ezidonsa njalo amandla ogesi ngesikhathi lindiza ibhanoyi, lezi yizinto ezifana nomsakazo, imishini esebenza ngogesi namalambu kodwa akuxubi izinto ezisebenzisa ugesi okwesikhashana.
kanjalo b ukugaxa umgonyana olandelayo ngemuva komgonyana 5.
Uma indiza okufanele isetshenziswe kwi-IMC noma ebusuku iwuhlobo lweSigaba D, ibhanoyi liyophinda lixhunywe umshini ogunyazwe ukuhlola indawo olinika amandla okubona masinyane nokuqonda esikhumulweni sezindiza esiphephile esiseduze"."
Isichibiyelo somgomo 121.05.
Ngokuhambisana nemibandela yomgonyana 2, umshayeli wendiza enkulu yohwebo ngeke ayishayele uma ihanjiswa ebusuku noma endaweni ye-IMC ngaphansi kwesimo esilindelwe umdumo noma isimo sezulu esiyingozi esibonwa njengento engaqagulwa yizinsiza zokuhlola izulu endleleni yendiza, ngaphandle kokuba leyo ndiza ifakwe imishini efanele yokuhlola isimo sezulu emkhathini.
endizeni engasebenzisi umoya, imishini yokuhlola isimo sezulu emkhathini ingathathelwa indawo ngolunye uhlobo lwemishini ekwazi ukuqagula umdumo nezinye izimo eziyingozi zesimo sezulu nokuhlinzeka ithimba labashayeli bendiza ngebanga lalezo zimo ezihlalukayo.
Isichibiyelo somgomo 121.08.
a kumshayeli webhanoyi leSigaba B elingahambisani nemiyalelo yokusebenza enqunywe yiNgosi yeSibili; kanjalo b nomshayeli webhanoyi leSigaba D.
Ngale kwemibandela yomgonyana 1, umshayeli webhanoyi okuthi ngokuqala kwalo mgomo wayesebenza ngaphansi kwemibandela egunyazwe wuKhomishani esikhathini esidlule engaqhubeka nokwenza njalo. Imibandela yokusebenza akufanele ibe nzima kunaleyo enqunywe yileNgosi.
Umshayeli webhanoyi oqondwe wumgonyana 1 uyoqikelela ukuthi ngenhloso yokuhambisana kahle nezidingo ezinqunywe yileNgosi, imininingwane yokusebenza efakwe ebhukwaneni lokuhambisa indiza neqondwe wumgomo 121.04.4 yengezwa ngolwazi olufanele, uma imininingwane emukelwe kulelo bhukwana ingenele.
Umshayeli webhanoyi oqondwe wumgonyana 1 ngeke alisebenzise lelo bhanoyi ekufezeni imisebenzi yokuthwala umphakathi ngaphandle uma ikhona indiza yeSigaba B noma C egade uma kwenzeka zingafezeki izidingo zomgonyana 5.
Umshayeli webhanoyi elithwala abantu eliqondwe wumgonyana 1 ngeke alisebenzise ngaphansi kwe-IMC noma alindizise lishiye amafu ngebanga lengxenye yokuthathu kokuyisishagalolunye ngaphandle, uma isibikezelo sezulu noma sakamuva siveza ukuthi kufanele ahambe ngendlela ethile ehlukile kuleyo ehleliwe ngesikhathi lisuka noma liyohlala ibhanoyi kodwa abhekele imibandela yomgomo 121.08.31, agcine ibanga nokuphakama okufanele nokunqunywe ngaphansi komgomo 121.07.6 nokubikezelwa kwesimo sezulu esingeke siguquke, okungenani isikhathi esiyihora ngaphambi kokufinyelela lapho liya khona ibhanoyi.
Isichibiyelo somgomo 121.09.
a kungaba wuhlelo lokulandelela isimo sokusebenza kwenjini oluhlanganisa uhlaziyo lwamafutha; noma b uhlelo lokulandelela isimo sokusebenza kwenjini oluvunywe nguKhomishani oluhlanganisa ukuhlola amafutha njalo ngemuva kwamahora ayikhulu noma izikhawu ezinconywe ngumkhiqizi wayo, kuye ngokuthi yikuphi okufika kuqala.
umphumela wesivivinyo ngasinye, ukubuka nokuhlola okufunwa wuhlelo lokulandelela isimo senjini esinqunywe wumgonyana 5 uyobhalwa futhi ugcinwe emlandweni wokulungisa indiza.
mayelana nebhanoyi eliqondwe wumgonyana 5, uhlu luyoqukatha imiyalelo ebhaliwe yokulungisa equkethe amaqhinga, izindlela nemikhuba efanele yokulungisa imishini echazwe wumgonyana 121.05.3.
Isichibiyelo somgomo 127.02.
b Umshayeli uyofaka ebhukwini lokusebenza eliqondwe wumgomo 127.04.
imibhalo elula yangaphakathi endizeni; kanjalo v uma kwenzeka, uhlelo olulawula indiza ukuba izihambela ngokwayo.
i uyoshayela ebusuku okungenani ujikelezo oluthathu luhlanganisa ukususa nokuhlalisa indiza; noma ii uyophumelela izivivinyo ezifanele zekhono noma zolwazi ezinqunywe yiNgxenye 61 zokuklelisa izinga lokundizisa ujikamanzi ebusuku kulo hlobo lohambo okufanele luthathwe.
g Uma ujikamanzi engafakiwe uhlelo lokusiza indiza ukuba izihambele, isikhathi sokundiza ebusuku siyoncishiselwa ezikhathini ezingamahora amabili nesikhathi sokuphumula esiyingxenye yehora phakathi nezikhathi. 
ujikamanzi uyonikwa isiqiniseko futhi ufakwe imishini yokushayelwa ngumuntu oyedwa ngendlela enqunywe wumgomo 127.05.
b lapho umshayeli efake khona ebhukwaneni lokusebenza lendiza elichazwe wuMgomo 127.04.2, uhlelo oluqhubekayo nolwemukelwe ekuqeqesheni abashayeli bezindiza oluhlanganisa izidingo ezingeziwe zomshayeli osebenza ngayedwa njengoba ulawula umgomo 127.03.
izinsiza zokuhambisa indiza ngokwayo nokuyilawula; kanjalo v imibhalo efundeka kalula yangaphakathi endizeni.
g uma ujikamanzi exhunywe noma efakwe izinsiza zokuba indiza izilawule lapho indiza, isikhathi sokundiza siyoncishiselwa emahoreni amabili ngaphandle kokuma bese kuba nesikhathi esiyingxenye yehora sokuphumula phakathi kwalezo zikhathi.
B Ngale kwemibandela yomgonyana 8A, akekho umuntu ongashayela ujikamanzi weSigaba II noma weSigaba III ngaphandle kokuba ithimba labasizi bakhe libe nomshayeli okleliswe ngokufanele njengephini lakhe.
C Kulemigomo, akukho okuyothathwa njengencazelo yokuthi ukundiza ngaphansi kwe- IFR noma ebusuku ngenhloso yokubeka umyalelo ovezwe wumqeqeshi ofanele wezindiza ukuthi uyoba wumsebenzi womshayeli oyedwa noma uqeqesho lokundiza uma luqhutshwa ngeNgxenye 127 luyofuna ukwenziwa ngabashayeli ababili abafundele lomsebenzi.
Isichibiyelo soMgomo 127.03.
Umshayeli kajikamanzi ohwebayo okufanele ushayelwe ngumshayeli ngayedwa ngokomgomo 127.02.18 noma 127.02.18A, uyoqikilela ukuthi ithimba labasizi bakhe lihlinzekwa ngendlela enqunywe nguMqulu SA-CATS-OPS 127.
Isichibiyelo soMgomo 127.05.
b imithombo emibili ezimele yamandla nethuba lokuqoka eyodwa ngokuzimela nalapho okungenani eyodwa kufanele isebenzise isiphehli senjini noma ijeneletha, yomibili imithombo kufanele ikwazi ukuhambisa izinkomba zendiza ngaphakathi futhi lemithombo ixhunywe ngendlela yokuthi ukwehluleka kweyodwa kungaphazamisi enye nokuphakelwa kwamandla ezinsizeni ezisele. Ngaphandle uma inkomba yesivinini sokuphenduka kwenjini kajikamanzi othintekayo ekuthwaleni kuphela impahla ixhunywe noma izihambela ngokwehlukana.
Qaphela: Ngokwenhloso yendinyana (d)(i), isiphehli samandla ogesi esinganqamuki sihlanganisa uhlobo olusabalalisa umlilo ngaphandle kokunqamuka ngesikhathi lindiza ibhanoyi, lokhu kubandakanya imishini yokusakaza, imishini ehanjiswa wugesi namalambu kodwa akufaki izinsiza ezixhunywa ngezikhathi ezimbalwa.
e kungaba yimishini ehlola isimo sezulu emkhathini noma ngeminye imishini evunywe nguKhomishani futhi enekhono lokuhlola isimo sokuduma kwezulu nesiphepho kanye nezimo zezulu eziyingozi.
Uma ujikamanzi wohwebo eshayelwa ngumshayeli oyedwa ngokulandisa komgomo 127.02.
i ifakwe uhlelo lokudumisa ngokwayo indiza noma lokusetshenziswa ngesikhathi lisuka emhlabathini, lihlala noma lindiza ngaphansi kwesimo esiphuthumayo; kanjalo ii ibhukwana lomminzo ohambisa uphetholo elikhomba indlela enqamulelayo yokuphakela uphetholo futhi evumela isimo esingaphazamisi ukusebenza kwenjini uma kwenzeka umminzo wophetholo wehluleka ukusebenza.
Isichibiyelo soMgomo 127.08.
Umshayeli kajikamanzi weSigaba 3 othwala abagibeli ngeke ushayelwe ngaphansi kwe-IMC noma ngaphezu kwamafa ezingeni eliyingxenye yokuthathu kokuyisishagalombili ngaphandle kokuba umbiko nesibikezelo sezulu noma ingxube yalokhu ikhomba ukuthi isimo sezulu maphakathi nohambo oluhleliwe ukusuka phansi nokuhlala esichazwe wumbandela womgomo 127.08.15 zivumela ukundiza ngaphansi kwalomngcele emazingeni anqunywe ngaphansi komgomo 127.07.6, ngokunjalo nesimo sezulu sibikezelwe ukuhlala kanjalo kuze kuphela okungenani ihora ngemuva kwesikhathi esinqunywe ukufika lapho liyohlala khona.
Isichibiyelo soMgomo 127.09.
a kungaba wuhlelo lokuqapha ukusebenza kwenjini olunconywe ngumkhiqizi oluhlanganisa uhlaziyo lwamafutha, uma lufanele noma b uhlelo lokuqapha isimo senjini oluvunywe nguKhomishani oluxube uhlaziyo lwamafutha okungenani njalo ngemuva kwamahora ayikhulu noma ngezikhawu ezinconywe ngumkhiqizi, kuye ngokuthi yikuphi okufika kuqala.
Imiphumela yesivivinyo ngasinye, ukubheka noma ukuhlola okufunwa wuhlelo lokuqapha ukusebenza kwendiza okunqunywe wumgonyana 5 kuyobhalwa futhi kugcinwe emlandweni wokulungisa injini.
Maqondana nojikamanzi oqondwe wumgonyana 5, uhlu luyoqukatha imiyalelo ebhaliwe yokulungisa indiza equkethe amaqhinga, amasu nemikhuba efanele yokugcina kahle imishini echaze wumgomo 127.05.3.
Isichibiyelo somgomo 135.02.
i ibhanoyi liqinisekiwe futhi lixhunywe izimfanelo zomshayeli wendiza yemisebenzi ye-IFR ngendlela enqunywe wuMgomo 135.05.
umshayeli wendiza efake ibhukwana lokuqhuba ibhanoyi eliqondwe wuMgomo 135.04.2, uhlelo oluqhubekayo lokuqeqeshwa oluhlangene nezidingo ezingeziwe zemisebenzi edinga abashayeli ababodwa ngendlela enqunywe wuMgomo 135.03.
dd amahora angu-100 ayochithwa ebusuku njengephini lomshayeli noma abashayeli ababili abasebenza ngokulingana; kanjalo ee amahora angevile ku-100 ayofunwa ngesikhathi sokufunda ngokulingisa isimo sempela nalapho angedluli ku-25 eyotholwa ngenqubo yoqeqesho lokundiza noma ngumqeqeshi wemishini yokundizisa ibhanoyi.
A Ngale kwemibandela yomgonyana 6, akekho umuntu ongasusa noma ahlalise phansi ibhanoyi leSigaba II noma Isigaba III ngaphandle kokuba ithimba labashayeli linomshayeli osezingeni lephini.
Akukho kulo mgomo okuyothathwa njengencazelo yokuthi ukundiza ngaphezulu kwe- IFR noma ebusuku ngokwenhloso yemiyalelo yokundiza okwenziwa wumqeqeshi ofanele wezokundiza kuyoba yisenzo esidinga umshayeli oyedwa noma okusho ukuthi lolo qeqesho lokundiza uma lwenziwa ngokweNgxenye 135 luyodinga ukuqhutshwa ngabashayeli ababili.
Isichibiyelo somgomo 135.03.
Umshayeli wendiza encane yokuhweba okufanele ishayelwe ngumshayeli oyedwa ngokulandisa koMgomo 135.02.6 uyoqikelela ukuthi uba nethimba lokwengezela ngendlela enqunywe wuMqulu SA-CATS-OPS 135.
Isichibiyelo soMgomo 135.03.
Umgomo 135.03.5 weMigomo uyachitshiyelwa ngokucima umgonyana.
Isichibiyelo somgomo 135.05.
b libe nemithombo emibili ezimele elondoloze amandla namathuba okukhetha enye yemithombo okungenani eyodwa esebenzisa isifutho esiqhutshwa yinjini noma ijeneleyitha okuyizinto zombili ezinamandla adingekayo ekuhambisa yonke imishini engaphakathi yokuhambisa indiza noma isifutho ngolunye uhlobo lwamandla, isifutho siyofakwa ngendlela yokuthi ukwehluleka komshini owodwa kungaphazamisi amandla aphakelwayo, kanjalo nokufinyelela kweminye imishini edinga amandla ngaphandle kwesimo sikajikamanzi othwala kuphela impahla ongase uvunyelwe umthombo wamandla oxhunywe kuphela ukubhekana nenkomba yokujika amandikhetha.
Qaphela: Ngenhloso yendinyana (i), amandla kagesi angaphazamiseki ahlanganisa amandla ogesi adingwa ngesikhathi sokundiza kwebhanoyi, singabala umshini womsakazo, imishini esebenza ngogesi kuphela nezibani kodwa ayixubi lezo zinto ezisetshenzisa ugesi ngezikhawu.
e umshini wokuhlola emkhathini isimo sezulu esimukelwe wuKhomishani onamandla okuqwashisa ngokuduma kwezulu nesimo esiyingozi.
Esiwombeni sebhanoyi elikleliswe eSigabeni D, liqhutshwa ngaphansi komgonyana 135.02.
i iyoba nohlelo lokuzidumela ngesikhathi lisuka noma lihlala ngaphansi kwesimo esiphuthumayo; kanjalo ii iyoba nebhukwana lomshini olawula uphetholo oya ezinjinini elikhomba indlela evumela indiza ukuba isebenza futhi iqhubeke nokuduma nanxa isigujana esilawula uphetholo sesifile.
Isichibiyelo soMgomo 135.08.
b kumshayeli wendiza yeSigaba D.
Ngaphandle kwemibandela yomgonyana 1, umshayeli waleyo ndiza ngesikhathi sokuguqulwa komgomo, imibandela yokungasebenzi kahle emukelwe wuKhomishani esikhathini esidlule ingavunyelwa ukuba iqhubeke. Leyo mibandela yokusebenza ayidingi ukuncishiselwa amandla kunaleyo enqunywe kuleli Ziko.
Umshayeli webhanoyi oqondwe wumgonyana 1 ngeke alisebenzise emisebenzini ehlelelwe umphakathi ngaphandle uma likhona ibhanoyi leSigaba B noma leSigaba C eligadile, uma kwenzeka imibandela yomgonyana 4 zingafezeki.
Umshayeli webhanoyi oqondwe wumgonyana 1 othwele abagibeli ngeke asebenzise leyo ndiza ngaphansi kwe-IMC noma ngaphezulu kwengxenye yokuthathu kokuyisishagalombili ngaphezulu kwamafu ngaphandle kokuba umbiko wakamuva wesimo sezulu noma isibikezelo sakho noma ingxube yakho ukhomba ukuthi isimo somzila ozohamba indiza kuhlanganisa umgudu wokusuka nokuhlala ibhanoyi mayelana nemibandela yomgomo 135.08.20 esivumela ukundiza ngaphansi kweVFR emukelwe nenqunyelwe ukuphakama kwezindiza uma usuka emhlabathini, esungulwe ngaphansi komgomo 135.07.6 nokubikezelwe kwesimo esingashintshi, okungenani kuze kuphele ihora ngemuva kwesikhathi esimiselwe ukuhlala phansi kwebhanoyi;.
Isichibiyelo somgomo 135.09.
Lowo oshayela ibhanoyi eliqondwe wumgomo 135.08.171 okufanele liqhutshwe ngumshayeli oyedwa ngokoMgonyana 135.02.
a kungaba wuhlelo olunconywe ngumkhiqizi oluhlola lulandelele isimo senjini nokuhlanganisa inkomba ehlaziya isimo samafutha enjini; noma b uhlelo lokuhlola isimo senjini evunywe nguKhomishani, lolu hlelo luhlanganisa ukuhlolwa kwamafutha njalo ngemuva kwamahora ayikhulu noma ngezikhawu ezinconywe wumkhiqizi wenjini, kuye ngokuthi yikuphi okufika kuqala.
Mayelana namabhanoyi aqondwe wumgonyana 5, uhlelo luyoqukatha imiyalelo yokulungisa equkethe amaqhinga, amasu nemikhuba efanele yokugcina imishini echazwe wumgomo 135.03.3.
Isichibiyelo soMgomo 138.01.
Esiwombeni sendiza ebhaliswe kwelinye izwe, imvume yomuntu wakwelinye izwe ekhishwe ngaphansi koMthetho Wemisebenzi yeZomoya yaMazwe oMhlaba, 1993 (Umthetho No. 60 ka 1993).
Isichibiyelo soMgomo 139.02.
Umgomo 139.02.16 weMigomo uchitshiyelwa ngokwesula umgonyana.
Isichibiyelo somgomo 139.02.
Isichibiyelo soMgomo 139.02.
ei Uma sikhona isikhungo sokulawula izindiza esikhumulweni noma kunohlelo lwezindiza zohwebo noma lezo ezingenalo uhlelo lokuhweba kodwa ezihamba ngaphezulu kwamahlandla ayisithupha ngesonto ezinesisindo esingaphezulu ko 5 700kg, kufanele lezo zindiza zifakwe imishini yemizwa ehambisana nemibandela yokulungiswa kwayo ebhalwe eMqulwini SA-CATS AH. Imininingwane kufanele yethulwe esikhungweni sokulawula izindiza kanti yonke imibandela ichazwe emqulwini i-SA-CATS AH.
uma likhona ithimba elilawula izindiza noma izinhlelo zokusebenza, leyo mininingwane iyodluliswa ngokushesha iqondiswe endizeni.
Uma isikhumulo sezindiza sisetshenziselwa amabhanoyi avela kwamanye amazwe noma izindiza eziphuma eNingizimu Afrika, kufanele kube nesiqiniseko sesikhungo sehovisi esigculisayo esihlinzeka ngesiteshi sokulawula izindiza nosizo lwesimo sezulu
e zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu kusuka ekuqasheni noma ekunikeni umsebenzi, kufanele uKhomishani anikwe ngokubhaliwe igama nemininingwane yonke yomphathi noma isiphathimandla esibhekele ukulandelwa kwemigomo esiqondwe wumgomo 139.02.51a.
Isichibiyelo somgomo 139.02.
Uma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesaziso esiqondwe wumgonyana 1, isikhumulo sezindiza silaxaziwe noma singagciniwe kwisimo esikhishwelwe imvume, umnikazi wemvume uyosusa, abhidlize noma aguqule imidwebo yesikhumulo ngendela efiswa yiKhomishani.
Ngemuva kokuphothula umsebenzi oqondwe wumgonyana 2, umnikazi wemvume uyodlulisa imvume kuKhomishani.
Isichibiyelo somgomo 139.03.
Isichibiyelo somgomo 139.03.
Uma ngemuva kokuphela kwesikhathi sesaziso esiqondwe wumgonyana 1, isikhungo sokuhlala nokusuka ojikamanzi singasasetshenziswa noma singanakiwe ngendlela ehambisana nemvume, umnikazi wemvume uyosibhidliza noma ashintshe imidwebo yesikhungo ngendlela engafiswa wuKhomishani.
Ngemuva kokuqeda wonke umsebenzi oqondwe wumgonyana 2, umnikazi wemvume uyodlulisa imvume yakhe kuKhomishani.
Isichibiyelo somgomo 145.02.
a bonke abantu abaqondene ngqo nomsebenzi wokulungisa noma wokuhlola egameni lenhlangano elungisa izindiza; kanjalo b nabo bonke abasebenzi abagunyazelwe ukukhipha egameni lenhlangano elungisa izindiza izitifiketi zokukhulula indiza ekade ilungiswa nezitifiketi eziphathelene nokulungisa indiza banemvume yezinga elifanele ngokulandisa kweNgxenye 66 noma ikhishwe yibo ngegunya eliqinisekiwe ngendlela ehlinzekwe yibhukwana lenqubo, ngokuvumelana nomgomo 43.03.11 b.
Isichibiyelo somgomo 145.03.
a bonke abantu abaqondene ngqo nokulungiswa noma nokuhlola okwenziwa egameni lenhlangano elungisa indiza; kanjalo b nabantu abagunyazwe ukukhipha izitifiketi zokudedela indiza ekade ilungiswa kanye nezitifiketi eziphathelene nokulungiswa kwendiza zinemvume efanele futhi zisezingeni elaziswa yiNgxenye 66 noma zikhishwe yibo ngaphansi kwezinga elifanele ngendlela ehlinzekwa yibhukwana lenqubo elandela umgomo 43.03. 1 1 b.
Isichibiyelo soMgomo 145.04.
a bonke abantu abaqondene ngqo nokulungisa noma nokuhlola egameni lenhlangano elungisa indiza; kanjalo b nabo bonke abasebenzi abagunyazwe ukukhipha egameni lenhlangano elungisa indiza izitifiketi zokukhulula indiza ekade ilungiswa nezitifiketi eziphathelene nokulungisa indiza zinemvume efanele futhi zigunyazwe ezingeni elivunywe yiNgxenye 66 noma zikhishwe nesiqiniseko esihambisana nezinga elifanele nangendlela ehlinzekwe yibhukwana lenqubo, ngokulandela umgomo 43.03.11b.
Isichibiyelo somgomo 145.05.
a bonke abantu abaqondene ngqo nokulungisa noma nokuhlola egameni lenhlangano elungisa izindiza; kanjalo b bonke abasebenzi abagunyazwe ukukhipha egameni lenhlangano elungisa indiza izitifiketi zokukhulula indiza ekade ilungiswa nezitifiketi eziphathelene nokulungiswa kwendiza zinemvume efanele futhi zikleliswe ngokulandisa kweNgxenye 66 noma zikhishwe nguye nesiqiniseko sokukleliswa ezingeni elifanele ngendlela ehlinzekwa yibhukwana lenqubo ngokulandela umgomo 43.03.11 b.
Isichibiyelo soMgomo 145.06.
a bonke abantu abaqondene ngqo nomsebenzi wokulungisa noma wokuhlola egameni lenhlangano elungisa izindiza; kanjalo b nabasebenzi abagunyazwe ukukhipha isitifiketi sokukhulula indiza egameni lenhlangano ezilungisayo, nokuqinisekisa ukuthi abasebenzi banezitifiketi ezifanele zokukhulula indiza ezihambisana neNgxenye 66 noma isitifiketi esikhishwayo sihambisana negunya elifanele elihlinzekwe ebhukwaneni lenqubo, ngendlela emiswe wumgomo 43.03.11b.
Isichibiyelo somgomo 145.07.
a bonke abantu abanezibophezelo eziqondene ngqo nokulungiswa noma nokuhlola egameni lenhlangano elungisa izindiza; kanjalo b bonke abasebenzi abagunyazwe ukukhipha isitifiketi sokudedela indiza ukuba iyosetshenziswa nezitifiketi eziphathelene nokulungiswa kwendiza zinemvume efanele ngokulandisa kweNgxenye 66 noma ikhishwe yibo nesiqiniseko sesigaba esifanele sezinga ngendlela ehlinzekwe yibhukwana lenqubo yenhlangano ngokulandela umgomo 43.03.11b.
Isichibiyelo somgomo 145.08.
a bonke abantu abaqondene ngqo nokulungisa noma nokuhlola egameni lenhlangano elungisa izindiza; kanjalo b nabasebenzi abagunyazwe ukukhipha izitifiketi zokudedela indiza ekade ikhandwa nezitifiketi eziphathelene nokulungiswa kwendiza banemvume efanele nekleliswe ngokweNgxenye 66 noma ekhishwe yibo nesiqiniseko sokuthi ikleliswe ezingeni elifanele ngendlela ehlinzekwe ebhukwaneni lenqubo ngokulanla umgomo 43.03.11b.
b Ngokusebenzisa inqubo ethile emkhiqizweni, ezingxenyeni noma empahleni yogesi; noma c Ezivivinyweni ezithile zemikhiqizo, ezingxenyeni noma empahleni yogesi.
LeNgxenye iphinde inqume imithetho ebusa abanikazi balezo zimvume ukuba bakhombise ukuthi imikhiqizo, izingxenye noma impahla yogesi iyahambisana nemininingwane yemvume eqondene.
i enomdwebo noma esifakile isicelo semvume yalowo mkhiqizo; noma ii enesivumelwane nomnikazi noma nalowo ofake isicelo semvume yalowo mkhiqizo okuqinisekisa ukuxhumana okufanele phakathi komkhiqizo nomdwebo wempahla.
Umnikazi wemvume yenhlangano yomkhiqizo kufanele akhangise ngemvume esikhaleni esisobala endaweni yakhe yebhizinisi, ikakhulu efinyelelwa kalula ngumphakathi, uma kuyikhophi ekhangisiwe aveze umbhalo wangempela esiphathimandleni esigunyaziwe, kumhloli noma kumuntu onegunya uma ecelwa.
Noma yisiphi isikhangiso senhlangano esiveza ukuthi iyakhiqiza kufanele sibonise inombolo yemvume yenhlangano ekhiqizayo ekhishwe wuKhomishani.
Lowo ofaka isicelo sokunikwa imvume yenhlangano ekhiqizayo kufanele afake isicelo esiphathimandleni esinegunya, kumhloli noma kumuntu ogunyaziwe sokuhlolelwa ezokuphepha nokuxilongwa kwamabhuku ngendlela edingekayo ngenhloso yokuqinisekisa iqiniso lanoma yisiphi isicelo esenziwa ngokulandisa komgomo 148.02.2.
Umnikazi wemvume yenhlangano ekhiqizayo uyovumela isiphathimandla, umhloli noma umuntu onegunya aqhube umsebenzi wokuhlola noma wokuxilonga ohlanganisa ukuhlola ezokuphepha nokuxilonga izincwadi zalabo abambisene nabo ebhizinisini noma izinkontileka ezinikwe umsebenzi, lezi zinyathelo zibalulekile ukuthola isiqiniseko sokuthi inhlangano iyahambisana nezidingo ezinqunywe yileNgxenye.
Inkokhelo yokuhlola nokuxilonga amabhuku iyohlawulwa ngendlela enqunywe yiNgxenye 187 kumgonyana 1 kanye nezindleko zokuhlola ezibonwa zisemqoka nguKhomishani ngenhloso yokwahlulela ngesinqumo esithathiwe sokumisa imvume, esiqondwe wumgomo 148.01.6.
a Ngemuva kophenyo noma kokuxilongwa kwamabhuku okwenziwe ngaphansi kwemigomo 148.01.5, kucaca ukuthi umnikazi wemvume yenhlangano ekhiqizayo akahambisani nezidingo ezinqunywe yile Ngxenye futhi lowo muntu ehluleka ukulungisa iphutha lokuphambana nomgomo ngaphambi kwezinsuku ezingamashumi amathathu ngemuva kokuthola isaziso esibhaliwe sesiphathimandla esinegunya, somhloli noma somuntu ogunyaziwe; noma b Isiphathimandla esinegunya, umhloli noma umuntu ogunyaziwe enqatshelwe wumnikazi wemvume noma abambisene nabo noma abanikwe ingxenye yomsebenzi ekuhloleni ukuphepha nokuxilonga ngendlela elandiswe yimigomo 148.01.5; noma c Isihoxiso sifanele futhi sifeza izinhloso zokuphepha kwesimo sokundiza.
Isaziso sokumisa siyokhishwa ngokubhaliwe sichaze izizathu zokumisa imvume.
Umuntu okade emisiwe ekuqhubekeni nemvume noma nengxenyana ethile yamagunya anikwe wona ngencazelo yomgonyana 1 uyonikwa ithuba lokuziphendulela mayelana nokumiswa kwakhe, zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ngemuva kokumiswa kwakhe, ukuphawula kuyocutshungulwa yisiphathimandla esinegunya, umhloli noma umuntu ogunyaziwe nothathe isinyathelo sokumisa lapho leso siphathimandla, umhloli noma umuntu ogunyaziwe engaqinisekisa , abuyekeze noma aguqule isinqumo sakhe sokuqala.
Uma zingatholwanga izikhalo ngokomgonyana 3, noma isiphathimandla esinegunya, umhloli noma umuntu ogunyaziwe othathe isinqumo sokumisa ephinda leso sinqumo noma esiguqula ngemuva kokuthola isikhalo, leso siphathimandla, umhloli noma umuntu ogunyaziwe kufanele zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ezichazwe wumgonyana 3 ethule umbiko obhaliwe kuKhomishani lapho eyochaza khona izizathu zokuthi ngokombono wakhe kungani isigwebo sokumisa kufanele sihoxiswe noma yesulwe imvume.
Isiphathimandla esinegunya, umhloli noma umuntu ogunyaziwe othintekayo kufanele zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ethule umbhalo ofanayo wombiko ochazwe wumgonyana 4 kumnikazi wemvume yenhlangano ekhiqizayo wesihoxiso sonke noma sengxenye ethile yamagunya amisiwe futhi aveze ubufakazi bokwenza njalo kuKhomishani.
Umnikazi wemvume yenhlangano ekhiqizayo ozwa ehlukumezekile ngesinqumo sokumiswa ngokulandisa komgonyana 1 unegunya lokwedlulisela phambili isikhalo mayelana nalokho kumiswa kuKhomishani zingakapheli izinsuku ezingamashumi amathathu ngemuva kokuba lowo mnini azisiwe ngokumiswa kwemvume, kulandelwa umgonyana 2.
Isicelo sokwedlulisela phambili isikhalo esiqondwe wumgonyana 6 siyobhalwa kanjalo nezizathu lowo ofake isicelo abona ngazo kufanele isinqumo sibuyiselwe eceleni noma siguqulwe.
Lowo ofaka isicelo uyothula umbhalo ofanayo wesikhalo neminye imibhalo noma imiqulu yokweseka isicelo sokwedlulisa isikhalo, isikhalo siyodluliselwa esiphathimandleni esinegunya, kumhloli noma kumuntu ogunyaziwe othintekayo kanjalo nobufakazi bokwedlulisa isicelo sinikezwe Ukhomishani.
Isiphathimandla esinegunya, umhloli noma umuntu ogunyaziwe uyohambisa impendulo ebhaliwe mayelana nesicelo sokwedlulisa isikhalo kuKhomishani zingakapheli izinsuku eziyisikhombisa ethole umbiko wesicelo sokwedlulisa isikhalo esiqondwe wumgonyana 8.
b angehlulela isikhalo esidlulisiwe ngokugxila emiqulwini ethulwe phambi kwakhe; noma c anganquma ukuba lowo ofake isicelo nesiphathimandla esigunyaziwe, umhloli umuntu onegunya othintekayo bavele phambi kwakhe ngenhloso yokwethula ubufakazi, kungaba nguye uqobo noma ngokumelwa ngomunye, ngesikhathi nasendaweni eyonqunywa nguye.
Ngaphambi kokuba Ukhomishani ehoxise noma yiliphi igunya noma anqamule imvume ngokulandisa komgonyana 1, kufanele avumele umnikazi wemvume, uma efisa ukuba ahlangabezane nezidingo ezifanele zokukhishwa, zokuvuselela noma zokukhipha kabusha leyo mvume yenhlangano yokulungiswa izindiza ukuze abuyelwe ngamagunya akudala.
a evumelana nokumiswa ngaphansi komgonyana 10aii; noma b umnikazi wemvume engasifaki isicelo sokwedlulisa isikhalo sokumiswa ngokulandisa komgonyana 6.
b Uhlu - P, lusebenza kwinqubo ethile yemikhiqizo, ezingxenyeni noma ezintweni ezisebenza ngogesi; kanye c Nohlu luka- T, lokuqhuba izivivinyo ezithile emikhiqizweni, ezingxenyeni ezithile noma ezintweni ezisebenza ngogesi.
Ukhomishani uyogcina umqulu wazo zonke izimvume ezikhishelwe izinhlangano ezikhiqizayo ezikhishwe ngaphansi kwale Ngxenye.
e Ubuzwe balowo onikwe imvume.
Imininingwane echazwe wumgonyana 2 iyobhalwa emqulwini zingakapheli izinsuku ezingu-7 kusukela osukwini lwemvume ekhishwe wuKhomishani.
Umqulu uyogcinwa endaweni ephephile ehhovisi likaKhomishani.
Ikhophi yomqulu kufanele ikhishwe wuKhomishani ngemuva kwenkokhelo efanele enqunywe yiNgxenye 187 kunoma ngubani ocela umbhalo ofanayo.
Lowo ofaka isicelo senhlangano ekhiqizayo kufanele aveze ubufakazi bokuthi uyahambisana nezidingo ezilandelayo, uma kubhekwa ulwazi alwethule embhalweni wenqubo olufunwa wumgomo 148.02.5.
Izikhungo, izimo zokusebenza, imishini nezikhali zokusebenza, inqubo nempahla efanele, isibalo sabasebenzi namakhono abo, nenhlangano ngokwayo kufanele kube yisimo esiqinisekisa ukuthi inhlangano ekhiqizayo ikwazi ukubhekana nenselelo nezibophezelo ezifunwa wumgomo 148.02.13.
ukubuyekeza njalo ulwazi olungenhla futhi abasebenzi bafinyelele kulo uma befuna ukuqhuba imisebenzi yabo.
i Umphathi obika kuKhomishani kufanele aqokwe abe nesibophezelo sangaphakathi enhlanganweni sokuqinisekisa ukuthi wonke umkhiqizo wenziwa ngendlela ehambisana namaqophelo afanele nokuthi inhlangano ekhiqizayo ihlala njalo ihambisana nemininingwane nenqubo eqagulwe emqulwini wenqubo.
Umphathi noma iqoqo labaphathi seliqokelwe ukuqinisekisa ukuthi inhlangano iyahambisana nezidingo zale Ngxenye kanjalo abaqokiwe bachazelwa ngomthamo wamagunya abo. Ngale ndlela, lowo muntu noma abantu kufanele babike ngqo kumphathi oqagulwe yindinyana i yalendima.
Abasebenzi emazingeni onke sebenikiwe amagunya afanele okwenza baqhube zonke izibophezelo abanikwe zona ngendlela egculisayo nokuxhumana ngendlela efanele nezinye izinhlaka ngaphakathi enhlanganweni ekhiqizayo mayelana nezindaba ezithinta izimfanelo zokundiza.
i Abasebenzi abakhipha isiqiniseko bachazwa njengalabo abagunyazwe yinhlangano ekhiqizayo ukuba basayine imiqulu ekhishwe ngaphansi kwegunya nemibandela ekhishwa ngaphansi kwayo. Ulwazi, imvelaphi ehlanganisa eminye imisebenzi enhlanganweni kanye nomlando wolwazi lwabasebenzi abakhipha isiqiniseko kufanele luhambisane nezibophezelo abethweswe zona zokufeza umsebenzi.
Inhlangano ekhiqizayo kufanele igcine umlando wabo bonke abasebenzi abakhipha isiqiniseko, lokhu kuhlanganisa imininingwane yomthamo wamagunya abo.
Abasebenzi abakhipha isiqiniseko banikwa ubufakazi bomthamo wamagunya abo.
i incazelo yolwazi olufunwa wumgomo 148.02.
imigomo yemvume okufanele ikhishwe ngaphansi komgomo 148.02.
b iphelezelwe yinkokhelo efanele enqunywe yiNgxenye 187.
Ukhomishani uyokhipha imvume yenhlangano ekhiqizayo uma lowo ofake isicelo ehambisene nezidingo zomgomo 148.02.1.
Inhlangano ekhiqizayo kufanele ibonise ukuthi isungule futhi inohlelo olubhalwe phansi lokuhlola izinga lomkhiqizo.
c uma kunemvume yokuklelisa ezingeni lika T, imikhiqizo, izingxenye noma izinto ezisebenza ngogesi kufanele zilawulwe futhi ziqashwe ngendlela eqinisekisa ukuthi ihambisana nezimo zemvume; ngakho kungasetshenziswa ilungelo elimiswe kumgomo 148.02.12.
b eliqukethe ulwazi olunqunywe wuMqulu SA-CATS-MORG; kanye c nezinguquko ezifanele ezichaza inhlangano njengamanje. Imibhalo emibili efanayo kufanele inikwe uKhomishani.
Uma umnikazi wemvume yenhlangano ekhiqizayo efisa ukwenza izinguquko enhlanganweni, okushintsha kakhulu inkomba yokuhambisana nezidingo ezifanele ezifunwa yileNgxenye, lowo mnini kufanele afake isicelo semvume yoguquko kuKhomishani.
Imibandela yomgomo 148.02.2 iyosebenza ngendlela efanayo nesicelo semvume yoguquko lwenhlangano.
Imvume yoguquko lwenhlangano iyokhishwa wuKhomishani uma lowo ofake isicelo egculisayo uKhomishani ngesikhathi ethula isiphakamiso sezinguquko ezifanele ebhukwaneni layo lenqubo lapho echaza khona ukuthi uyoqhubeka nokuhambisana nemibandela yomgomo 148.02.1 ngemuva kokuqala izinguquko ezihlongozwayo.
Izinguquko zendawo yokukhiqizela, yenqubo noma isikhungo sokuhlola senhlangano enemvume yokukhiqiza kufanele kuthathwe njengoshintsho olunzulu enhlanganweni futhi okufanele luhambisane nemibandela yomgomo 148.02.6.
Ngokulandela imibandela yomgonyana , inhlangano ekhiqizayo ayikwazi ukwedluliswa.
Uguquko lobunini balowo onemvume luyothathwa njengoshintsho olunzulu enhlanganweni ngendlela echazwe wumgomo 148.02.6.
b iyochaza izinga lokukleliswa kwenhlangano efanele imisebenzi yenhlangano; kanye c nencazelo yomkhiqizo noma izigaba zezingxenye nezinto zikagesi ezikhiqizwayo, ezakhiwayo noma ezihlolwayo.
a siyokwenziwa ngendlela emukelekile kuKhomishani kanti siyonqunywa emqulwini u SA-CATS-MORG; futhi b siphelezelwe yinkokhelo efanele enqunywe yiNgxenye 187.
Ofake isicelo uyohambisana nemibandela yemigomo 148.02.5 no 148.02.6.
Imvume yenhlangano ekhiqizayo iyohlala isikhathi esingenawo umkhawulo.
a inhlangano ekhiqizayo yehluleka ukukhombisa ukuhambisana nezidingo ezimiswe yile Ngxenye; noma b imiswa yisiphathimandla esigunyaziwe, umhloli noma ngumuntu onegunya noma ihoxiswa nguKhomishani ngokulandisa komgomo 148.01.6; noma c kunobufakazi bokuthi inhlangano ekhiqizayo iyehluleka ukugcina nokulawula ngendlela efanele umkhiqizo, ukwakha noma ukuhlola imikhiqizo, izingxenye noma izinto ezisebenza ngogesi ezivunyelwe; noma d Inhlangano ekhiqizayo ingasahambisani nezidingo zomgomo 148.02.1 noma isitifiketi semvume sichithiwe noma simiswe ngaphansi komgomo 148.01.6 12.
Uminikazi wemvume ehoxisiwe uyoveza leyo mvume ngemuva kokumiswa kwayo esiphathimandleni esigunyaziwe, kumhloli noma kulowo onegunya ngenhloso yokusishaya uphawu lokuyimisa.
Umnikazi wemvume emisiwe uyonika uKhomishani leyo mvume emisiwe zingakapheli izinsuku ezingu-30 ngemuva kokumiswa kwaleyo mvume.
Ngamandla emibandela yemvume ehambisana nomgomo 148.02.
ukulungisa indiza entsha ekhiqizwe yinhlangano ngendlela efanele yokuyigcina esimweni esifanele sokundiza futhi engadingi imvume ngokulandisa kweNgxenye 145, engakhipha isitifiketi sokuyikhulula ngenhloso yokuba ilungiswa ngendlela elandiswa yiNgxenye 43.
i engasebenzisa inqubo ehambisana nenhlangano ngendlela ehambisana nomgomo 148.02.
engakhipha isitifiketi sokukhulula indiza ngaphandle kokuveza obunye ubufakazi.
i ukuhlola imikhiqizo, izingxenye zezinto noma izinto ezisebenzisa ugesi ngendlela emiselwe inhlangano yalesi sigaba ngokulandisa komgomo 148.02.9; kanye ii nokukhipha isitifiketi esigunyaza ukukhulula indiza ngaphandle kokuveza obunye ubufakazi.
a uyoqikelela ukuthi ibhukwana lenqubo elithulwe ngokuhambisana nomgomo 148.02.
h uma umbandela wemvume udinga isitifiketi sokukhulula impahla, uyoqinisekisa ukuthi indiza ngayinye eqediwe iyahlolwa futhi isimo sayo sokusebenza siphephile ngaphambi kokukhishwa kwesitifiketi.
a uyoqinisekisa ukuthi ibhukwana lenqubo yenhlangano elikhishwe ngaphansi komgomo 148.02.
c uyobhala yonke imininingwane yomsebenzi oqhutshiwe ngendlela emukelekile kuKhomishani.
a uyoqikelela ukuthi ibhukwana lenqubo enhlanganweni ehlolayo elithulwe ngaphansi komgomo 148.02.
d uyobhala yonke imininingwane yomsebenzi owenziwe ngendlela emukelwe wuKhomishani.
a Umbiko osayiniwe ochaza ukuthi inhlangano isahambisana ngokuphelele nayo yonke imicikilisho yemvume, lokhu kuyothulwa ngendlela enqunywe wuMqulu SA-CATS-MORG; kanye b Nenkokhelo yonyaka enqunywe yiNgxenye 187.
Isichibiyelo somgomo 172.01.
g imisebenzi yasesikhumulweni sezindiza
Isichibiyelo soMgomo 183.00.
ngaphandle kweNgxenyana 44 ecinyiwe neNgxenyana 48 eqalile ukusebenza,98,100,101,102,103, 104 105, 106 kanjalo nomgomo 66.01.9 uyoqala ukusebenza ngosuku oluyonqunywa nguNgqongqoshe.
Ukucinywa koMgomo 187.00.
Umgomo 187.00.30 weMigomo uyachitshiyelwa.
Lesi sichibiyelo sibizwa ngesiChibiyelo samaShumi Amabili naNtathu seMigomo Elawula Izindiza ka1997 futhi ngaphansi kwemibandela yomgonyana siyoqala ukusebenza ngosuku lokushicilewa kwaso.
